Bible

Engage

Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

1 Corinthians 8

:
Zulu - 2023
1 Maqondana nokuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi sonke sinolwazi. Ulwazi luyakhukhumeza, kepha uthando luyakha.
2 Uma umuntu ecabanga ukuthi wazi utho, akakazi njengalokhu kufanele ukuba azi.
3 Kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, yena uyaziwa nguye.
4 Ngakho-ke mayelana nokudla okuhlatshelwe izithombe, siyazi ukuthi isithombe asilutho ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu ngaphandle koyedwa.
5 Ngokuba noma kukhona okuthiwa onkulunkulu, nokuba kusezulwini noma emhlabeni, njengokuba kukhona onkulunkulu abaningi, namakhosi amaningi,
6 Kepha kithina munye uNkulunkulu, uYise, okuvela kuye zonke izinto, nathi sikuye; neNkosi eyodwa uJesu Kristu, okungaye zonke izinto, nathi singaye.
7 Kepha ukwazi akukho kubo bonke abantu; nonembeza wabo obuthakathaka ungcolile.
8 Kepha ukudla akusitusi kuNkulunkulu; ngokuba noma sidla, asizuzi lutho; futhi, uma singadli, asibi.
9 Kepha qaphelani, funa lelo lungelo lenu libe yisikhubekiso kwababuthakathaka.
10 Ngokuba uma umuntu ekubona wena onokwazi uhlezi ekudleni ethempelini lesithombe, unembeza walowo obuthakathaka akayikudungeka yini ukuba adle okuhlatshelwe izithombe na?
11 Futhi ngolwazi lwakho umzalwane obuthakathaka amfelayo uKristu uyakubhubha na?
12 Kepha nxa nona kanjalo kubazalwane, nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, nona kuKristu.
13 Ngakho-ke uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami, angisoze ngadla nyama kusesekhona, funa ngimkhubekise umzalwane wami.